Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 3:11 - IsiZulu 2020

11 Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho ophambuke ngazo kimi, ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalolo suku aniyikuba namahloni ngazo zonke izenzo zenu eneqe ngazo kimi; ngokuba lapho ngiyakubasusa kini abathokoza ngokuzidla kwenu, ningabe nisazidla ngenxa yentaba yami engcwele.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 3:11
29 Referans Kwoze  

“Ungesabi, ngokuba awuyukujabha; ungapheli amandla, ngokuba awuyukuthelwa ngehlazo; uyakukhohlwa yihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.


Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle.


Esikhundleni sehlazo lenu, niyakuphiwa ngokuphindiweyo; esikhundleni sokudumala, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo; bayakudla ifa ngokuphindiweyo ezweni lakubo, intokozo engunaphakade ibe ngeyabo.


Ngokuba umbhalo, uthi: “Ngibeka eZiyoni itshe legumbi elikhethekileyo, eliyigugu. Okholwa kuye akasoze ajabhiswa.”


njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Bukani, ngibeka eZiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa; okholwa yilo akayukujabhiswa.”


Ningacabangi ukuthi nizakuthi phakathi kwenu: ‘Sinobaba u-Abhrahama,’ ngokuba ngithi kini: uNkulunkulu angamvusela abantwana u-Abhrahama kulawa matshe.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo.


Ningethembeli emazwini angamampunge, uma kuthiwa: leli yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade, yithempeli likaSimakade.”


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Kepha uma ubizwa ngomJuda futhi wethembela emthethweni, uzigqaja ngoNkulunkulu,


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Ngisakhuluma ngikhuleka, ngivuma izono zami nezono zabantu bakithi u-Israyeli, ngiletha ukunxusa kwami phambi kukaSimakade uNkulunkulu wami ngentaba engcwele kaNkulunkulu wami,


‘Yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizoyingcolisa indlu yami engcwele; ukuzigabisa ngamandla enu, ukunxanela kwamehlo enu, nokuthanda kwempilo yenu. Amadodana namadodakazi enu eniwashiyile, ayakudliwa yinkemba.


Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko, lapho ngihaqwa wububi babangizingelayo,


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


Amazwi eziwasho ngezindebe zazo ayisono esiphuma emlonyeni wazo, mazibambeke ekuqhosheni kwazo, nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.


Simakade, inhliziyo yami ayizigabisi, namehlo ami awaziphakamisi, angingeni ezindabeni ezinkulu nasezintweni ezingehlulayo.


Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa;


Abantu bathotshisiwe, bonke behliselwe phansi; amehlo abazigqajayo ayothotshiswa,


yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka. Iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka e-althare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi iyindlu yokukhuleka yezizwe zonke.”


“Usho kanje uSimakade: ‘Ngiyakukubhubhisa kanjalo ukuziqhenya kukaJuda, nokuzigqaja kweJerusalema.


Ngokuba entabeni yami engcwele, esicongweni sentaba yakwa-Israyeli, yonke indlu yakwa-Israyeli iyakungikhonza kuyo ezweni; ngiyakubemukela khona, ngifune iminikelo yenu, okwekhethelo kwenu nakho konke okungcwele okungokwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite