Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 2:8 - IsiZulu 2020

8 “Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi nezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngikuzwile ukuthukwa kukaMowabi nokuhlambalaza kwabantwana bakwa-Amoni, abahlambalaze ngakho abantu bami, baziphakamisa phezu kwemikhawulo yabo.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 2:8
19 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngenxa yokuba isitha sithe kini: Ashila, sabuye sathi: Izindawo eziphakemeyo zasemandulo seziyifa lethu.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.


Isiphrofetho ngoMowabi. Impela ngabusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe, labhujiswa. Impela ngabusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe, lachithwa.


Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Uyizwile yonke inhlamba abangethuke ngayo, Simakade, nozungu abangakhele lona.


“Wena ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uNkulunkulu ngabakwa-Amoni nangehlazo labo, ithi: wena batshele, uthi: “ ‘ “Inkemba, inkemba ihoshiwe, yamenyezeliselwa ukuba ibulale, futhi iqothule njengonyazi,


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaMowabi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bashisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.


Yilokho okuyakuba ngokwabo esikhundleni seqholo labo, ngokuba bathuke inhlamba, basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.


Indodakazi endala yazala umfana yamqamba yathi nguMowabi. Nguyena ongukhokho wesizwe sakwaMowabi nanamhlanje.


Indodakazi encane yazala nayo umfana yamqamba yathi nguBheni-Ami. Ungukhokho wesizwe sabakwa-Amoni nanamhlanje.


Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!


Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:


Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite