Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 2:7 - IsiZulu 2020

7 Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umkhawulo uyakuba ngowensali yendlu yakwaJuda; bayoklaba kuyo; ezindlini zase-Ashikeloni kusihlwa bayakulala; ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 2:7
42 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa, lapho nginiqoqa, ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo kubo bonke abantu bomhlaba, mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘UJakobe ngiyakumbuyisa ekuthunjweni, yonke indlu yakwa-Israyeli ngiyihawukele, ngibe nentshisekelo ngenxa yegama lami elingcwele.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga.


Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali, nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla. USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni, kusukela manje kuze kube phakade.


“Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe; ngiyihlanganise ndawonye ngempela insali yakwa-Israyeli, ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni, nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo, kube nokuxokozela kwabantu.


Abantu baseNegevu bayakudla intaba ka-Esawu, kuthi abaseShephela badle elamaFilisti, elakwa-Efrayimi nelaseSamariya, abakwaBhenjamini badle iGileyadi.


Ngiyoguqula ukuthunjwa kukaJuda nokuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Kanjalo nangalesi sikhathi samanje ikhona insali ekhethwe ngokomusa.


Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.


Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu, endleleni ephuma eJerusalema yehlele eGaza, le ndawo iyihlane.”


Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe, nihlokomele inhloko yezizwe, nizwakalise ukudumisa, nithi: ‘Simakade, sindisa abantu bakho insali yakwa-Israyeli.’


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.


“Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.


UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”


“Ake ukhulume kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:


UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


USimakade uyoba nesihawu kuJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, amuphe ukuthula ezweni lakhe; nabafokazi bayozihlanganisa naye, banamathele endlini kaJakobe.


Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.


Nkulunkulu Wamabandla, phenduka, siyakucela, bheka phansi usezulwini, ubone, bese uwunakekela lo mvini,


Kuyoba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe eyosala e-Asiriya, njengalokhu kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku akhuphuka ngalo eGibhithe.


Inqaba iyosala dengwane, kukhale ibhungane emzini obunabantu abaningi. Igquma nombhoshongo kuyoba yimigede kuze kube phakade; kube yinjabulo yezimbongolo zasendle nedlelo lemihlambi,


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Kuyakuthi kule ndawo eyincithakalo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo, kube khona amadlelo abelusi abayobuthisela khona imihlambi yabo.


IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?


“Nawe Juda, ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.”


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite