Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 2:2 - IsiZulu 2020

2 singakaphumi isinqumo, lungakadluli lolo lusuku njengamakhoba, lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaSimakade, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 lungakafiki umyalo, usuku lungakadluli njengamakhoba, lungakafiki phezu kwenu ulaka lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 2:2
22 Referans Kwoze  

Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.


USimakade uyikhombise ngokugcwele intukuthelo yakhe; wathulula ukuvutha kolaka lwakhe, wathungela umlilo eZiyoni, oqothule izisekelo zalo.


Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.


Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.


“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Zifana nezibi phambi komoya, namakhoba epheshulwa yisiphepho.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


Intukuthelo kaSimakade ayiyukubohla aze akwenze lokho, ayifeze inhloso yenhliziyo yakhe. Ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda nokukuqonda lokhu.


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite