Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 2:11 - IsiZulu 2020

11 USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJehova uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakwenza ukuba bonke onkulunkulu bomhlaba balambe; futhi abantu bayokhuleka kuyo, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 2:11
36 Referans Kwoze  

USimakade Wamabandla uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushabalalisa amagama ezithombe ezweni, futhi awayukuphinde akhunjulwe; ngiyakususa abaphrofethi nemimoya engcolileyo ezweni.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


Wonke amakhosi omhlaba mawakubonge, Simakade, ngokuba ezwile amazwi omlomo wakho.


Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Kuyakufika izizwe nabahlala emizini eminingi,


“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.


“Ngiyakwelula isandla sami ngishaye uJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyakuqeda nya insali kaBhali kule ndawo, negama labaphristi bonkulunkulu nabaphristi babo,


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uSimakade ungibizile kwasesibelethweni, wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.


Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”


Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho,


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwayo, na? Mabanisize, mababe yisiphephelo senu.


“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”


USimakade Wamabandla uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, uFaro, iGibhithe, onkulunkulu balo, amakhosi alo, nabethembele kuFaro.


Uyakuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, adle eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Izithombe ezibaziweyo ziyoshabalala.


Ngalolo lusuku abantu bayozilahla ezimvukuzaneni nasemalulwaneni, izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bazikhonze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite