Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 2:10 - IsiZulu 2020

10 Yilokho okuyakuba ngokwabo esikhundleni seqholo labo, ngokuba bathuke inhlamba, basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo, ngokuba bathukile, bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lokhu kuyakuba njengokuzigqaja kwabo, ngokuba baye bazihlambalaza, baziphakamisa kubantu bakaJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 2:10
18 Referans Kwoze  

Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.


Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


“Ngiyizwile inhlamba yabakwaMowabi, namazwi ayiziswana abakwa-Amoni abathuke ngawo abantu bami, bazandisele imingcele ezweni labo.


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Ukuqhosha kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlala emifantwini yamadwala, ondawo yakho iphezulu, othi enhliziyweni yakho: Ngubani nje ongangehlisela phansi emhlabeni na?


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


Usaziphakamisa, awufuni ukuvumela abantu bami ukuba bahambe na?


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,


Akavumelanga muntu ukubacindezela, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite