Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 1:2 - IsiZulu 2020

2 “Ngiyakubhubhisa kuphele nya konke okusebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngiyakuqothula nokuqothula konke, kusuke ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakuqalekisa konke okuphuma ezweni,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 1:2
13 Referans Kwoze  

Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo.


Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”


Bheka, ngiyakukhipha umyalo, kusho uSimakade, ngibabuyisele kuwo lo muzi; bayokulwa nawo, bawudle, bawushise ngomlilo. Ngiyakuyenza imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


“Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, intukuthelo nolaka kwami ngizokuthululela kule ndawo; phezu kwabantu, izilwane, izihlahla zasendle, nezithelo zomhlaba; kuzakuvutha kungacimeki.


Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite