Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 1:1 - IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade elafika kuZefaniya, indodana kaKushi kaGedaliya, ka-Amariya kaHezekiya, ezinsukwini zokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, lathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi likaJehova elafika kuZefaniya, indodana kaKushi, indodana kaGedaliya, indodana ka-Amariya, indodana kaHezekiya, ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 1:1
12 Referans Kwoze  

Izwi likaSimakade lafika kuye ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni inkosi yakwaJuda, ngonyaka we-13 wokubusa kwakhe.


Ngakho-ke sinalo izwi lesiphrofetho eliqiniswe kakhulu, eniyokwenza kahle ukuba niliqaphelisise, njengesibani esikhanya ebumnyameni kuze kuntwele ezansi, bese ikhwezi lokusa likhanyisa ezinhliyweni zenu.


Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


kwafika izwi likaSimakade kuHezekeli umphristi, indodana kaBhuzi, ezweni lamaKhaledi, ngasemfuleni iKhebhari. Isandla sikaSimakade sasiphezu kwakhe khona lapho.


“Kusukela onyakeni we-13 wokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube yilolu suku, le minyaka engama-23 izwi likaSimakade lifikile kimi, ngalikhuluma kini ngiphindelela, kodwa anilalelanga.”


Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu, ilungele ukufundisa, ukusola, ukuqondisa, nokuyala ekulungeni,


UManase walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa ensimini esigodlweni sakhe, insimu ka-Uza. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UManase wayeselaliswa kokhokho bakhe, bammbela endlini yakhe. U-Amoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundeni sakhe.


Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,


Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite