Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZakariya 1:8 - IsiZulu 2020

8 Ngabona umuntu ebusuku egibele ihhashi elibomvu, wama phakathi kwezihlahla zombomvana ezazisemhosheni, emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, amahwaqahwaqa, namhlophe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngabuka ebusuku, bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu emi phakathi kwemibomvana eyayiphansi; futhi emva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, ezimanakanaka namhlophe.

Gade chapit la Kopi




UZakariya 1:8
26 Referans Kwoze  

Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu.


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi:


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Esikhundleni sogagane, kuyomila umsayiphuresi; nasesikhundleni samakhakhasi, kumile umbomvana. Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade, nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”


Ngiyakutshala umsedari ehlane, umtholo, umbomvana, nomnqumo, ngibeke kwahlongasibi umsayiphuresi, umthidari nomkhoba kanyekanye,


“Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.


Ngakho-ke yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli, ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Phakathi kwemicabango yemibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,


EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”


Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Othandiweyo wami wehlele esivandeni sakhe, emibhedeni yamakha, welusele ezivandeni, ukuze akhe iminduze.


Othandiweyo wami ungowami, nami ngingowakhe; welusela phakathi kweminduze.


Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.


Kumele bamemezele eJerusalema nakuyo yonke eminye imizi, bathi: “Khuphukelani ezintabeni, nigawule amagatsha omnqumo nomnqumo wasendle, uthathawe, amasundu nezinye izihlahla, nakhe amadokodo njengokulotshiweyo.”


Ngosuku lwama-24 ngenyanga ye-11 kaShebhati, ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu, izwi likaSimakade lafika kuZakhariya indodana kaBherekhiya ka-Ido, umphrofethi, lathi:


Umuntu owayemi phakathi kwezihlahla zombomvana wathi: “Laba ngabathunywe nguSimakade ukuba bahambe emhlabeni.”


Base beyibikela ingelosi kaSimakade eyayimi phakathi kwezihlahla zombomvana, bathi: “Sihambile emhlabeni; uyabona-ke, wonke umhlaba uhleli ngokuthula.”


UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono eminingi ebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Yena wathi: “Ngilapha.”


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite