Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 3:7 - IsiZulu 2020

7 UBhowazi wadla, waphuza, wenama, wayesehla eyolala ngasekugcineni kwenqwaba yebhali. URuthi wanyonyoba wembula ingubo ezinyaweni zikaBhowazi, walala lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UBhowazi esedlile waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, walala ekupheleni kwenqwaba; weza ngobumnene, wavula izinyawo zakhe, walala phansi.

Gade chapit la Kopi




URuthe 3:7
18 Referans Kwoze  

Ngosuku lwesikhombisa, inkosi seyeneme kakhulu ngenxa yewayini, yayala abathenwa ababengabasizi bayo, uMehumani, uBhizitha, uHaribhora, uBhigitha, u-Abigitha, uZethari noKarikhasi,


Lawo madoda amabili ahlala, adla, aphuza ndawonye, umukhwe wathi kumkhwenyana: “Ake uvume ukulala namuhla uthokozise inhliziyo yakho.”


U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Lapho indoda nesancinza sayo, nenceku yayo, besukuma ukuba bahambe, umukhwe wayo, uyise wentombi wathi kuyo: “Bheka, ilanga seliyashona, sekuzakuhwalala; ake nilale lapha ngalobu busuku. Uyabona ilanga seliyashona. Hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke ngovivi kusasa ningene indlela, nibuyele ekhaya.”


Ukudla kwenzelwe ukwenama, newayini ukuba kuthakaswe, imali iyimpendulo yezinto zonke.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Ngakho-ke mina ngincoma ukuzijabulisa, ngokuba akukho okungcono kumuntu phansi komthunzi welanga, ngaphandle kokuba adle, aphuze, azijabulise, ngokuba lokhu kuyohlala kunaye emshikashikeni wokuphila kwakhe, ngezinsuku uNkulunkulu amuphe zona phansi komthunzi welanga.


Akukho okungcono okungenziwa ngumuntu ngaphandle kokuthi adle, aphuze, aneliseke ngomsebenzi wakhe. Nalokho futhi ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu,


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


UJezebheli, umkakhe, wathi kuye: “Akunguwe yini obusa kwa-Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze. Ngizokunika isivini sikaNabothi waseJizreyeli.”


Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezeneme, bathi: “Bizani uSamsoni ukuze asidlalele.” Bambiza-ke uSamsoni esejele, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


Baphakelwa izabelo zabo etafuleni likaJosefa, kodwa esikaBhenjamini sasiphindwe kahlanu kunezabanye. Baphuza, bathokoza naye.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


Wayesehla waya esibuyeni, wafike wenza njengalokhu uninazala emyalile.


Kuthe phakathi kwamabili uBhowazi waphaphama. Mamo! Nangu owesifazane elele ezinyaweni zakhe!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite