Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 2:10 - IsiZulu 2020

10 URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wawa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngitholeni umusa emehlweni akho ukuba ungangazi, lokhu ngingowezizwe na?”

Gade chapit la Kopi




URuthe 2:10
19 Referans Kwoze  

Lapho u-Abhigayili embona uDavide, washesha wehla embongolweni yakhe, wakhothama wathi mbo ngobuso phambi kukaDavide.


URuthi wayesethi: “Ungiphathe kahle mnumzane, wangiduduza ngokukhuluma kahle nami, nakuba ngingeyena omunye wezincekukazi zakho.”


Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,


ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi, ngibusisiwe.


Kwenzeka kanjani lokhu kimi ukuba ngihanjelwe ngunina weNkosi yami na?


Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”


UMefibhoshethi wakhothama, wathi: “Ibe iyini nje inceku yakho ukuba ungaze uzikhathaze ngenja efileyo enjengami na?”


Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa;


URuthi wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Ngivumele ngihambe ngiye ensimini ukuze ngikhothoze emva kwalowo oyokuba nomusa kimi.” UNawomi wathi kuye: “Hamba ndodakazi yami.”


Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


Amehlo akho awanamathele ensimini eziyivunayo; ngibadonse ngendlebe abafana ukuthi bangakuthinti. Uma womile ubokuya ezitsheni uphuze lokho okukhiwe ngabafana.”


UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Uninazala wambuza wathi: “Ubukhothoza kuphi namuhla, na? Usebenze kuphi, na? Makabusiswe lowo okunakekele.” Wamtshela uninazala ukuthi ubesebenza kubani, wathi: “Namuhla bengisebenza kumuntu okuthiwa nguBhowazi.”


Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite