Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:6 - IsiZulu 2020

6 Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wayeseqeda omalokazana bakhe ukubuya ezweni lakwaMowabi; ngokuba wezwa esezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ngokubapha isinkwa.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:6
27 Referans Kwoze  

Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo, abantulayo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.


Abamesabayo ubapha ukudla, isivumelwano sakhe usikhumbula njalo.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


“Hamba uqoqe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘USimakade, uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe uzibonakalisile kimi, wathi: “Ngikubonile konke okwenziwa kini eGibhithe,


Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga.


siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo.


Imvula neqhwa kwehla kuvela ezulwini, akubuyeli khona, kunalokho kumatisa umhlaba, kuwenze uhlume, uthele, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo, nodlayo ukudla.


Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.


Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


Amehlo abo bonke alinda Wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.


USimakade wamhambela uHana, wakhulelwa wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaSimakade.


UJosefa wawafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “UNkulunkulu uzakunihambela impela, anowakhuphula amathambo ami kule ndawo.”


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahambe phambi kwakhe okhokho bami o-Abhrahama no-Isaka, uNkulunkulu obe ngumelusi wami yonke impilo yami kuze kube namuhla.


UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kepha masaneliswe uma sinokudla nokokwembatha.


Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo.


Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubuphofu noma ingcebo, kepha ngiphe isinkwa esinganeleyo,


Bobabili oMahaloni noKhiliyoni bafa. UNawomi wayesefelwe ngumyeni wakhe namadodana akhe omabili.


Wasuka endaweni ayehlala kuyo nomalokazana bakhe bobabili, bangena indlela bebuyela kwaJuda.


Ngokuba izinceku zakho ziyathokoza ngamatshe alo, ziyadabuka ngothuli lwalo.


USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite