Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:17 - IsiZulu 2020

17 Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; kanjalo uJehova uyakwenza kimi, futhi kube njalo, uma kuphela ukufa kusehlukanisa mina nawe.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:17
18 Referans Kwoze  

U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”


Yathi: “UNkulunkulu makenze kanjalo, enezele futhi, uma ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafathi, liyakube lisekuye namuhla.”


Inkosi uSolomoni yayisifunga kuSimakade, yathi: “UNkulunkulu makenze kanjalo kimi, enezele futhi uma u-Adoniya engalikhulumanga leli lizwi, wabeka ukuphila kwakhe engcupheni yokufa.


“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”


UBheni Hadadi wathumela kuyo, wathi: “Onkulunkulu mabenze kanjalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lweSamariya lungeke lugcwale isandla kulowo nalowo muntu ongilandelayo.”


UNkulunkulu makenze kanjalo kuzo zonke izitha zikaDavide, anezelele kulokho, uma ekuseni ngakusasa ngizoshiya noma oyedwa wesilisa ongowakhe.”


Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


UJezebheli wayesethumela isithunywa ku-Eliya, ethi: “Sengathi onkulunkulu bami bangenza kanjalo kimi, futhi benezele, uma nje ngalesi sikhathi kusasa ngingakwenzi wena ube njengomunye wabo.”


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami.


Uzovuselela ukuphila kwakho, akugcine ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakwakho okuthandayo ukuzalele yena, ongcono kuwe ukwedlula amadodana ayisikhombisa.”


USawule wathi: “Makenze kanjalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”


USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba.


U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade naphambi kwakho nkosi yami, inkosi, lapho inkosi yami, inkosi, iya khona, kungaba sekufeni noma ekuphileni, inceku yakho nayo iyakuba lapho.”


Kwathi esemngcwabile, wathi kumadodana akhe: “Lapho sengifile ningingcwabe ethuneni okungcwatshwe kulo umuntu kaNkulunkulu, amathambo ami niwabeke eceleni kwawakhe.


Lalela-ke, ndodakazi, qaphela, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe ngabantu bakini nangendlu kayihlo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite