Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:13 - IsiZulu 2020

13 beningawalinda yini akhule aze abe madala, na? Benizohlala ningagani ningabi nabayeni, na? Qha, madodakazi ami, owami umunyu mkhulu kakhulu kunowenu, ngokuba isandla sikaSimakade simelene nami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ubungahlala yini labo baze bakhule? ungakujabulela ukuba namadoda? Cha, madodakazi ami; ngoba kubuhlungu kakhulu kimi ngenxa yenu ukuthi isandla sikaJehova siphumele phezu kwami.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:13
11 Referans Kwoze  

Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.


Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela


Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.


Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima.


Bathumela, baqoqela ndawonye wonke amakhosi amaFilisti, bathi: “Wususeni umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ubuyele endaweni yawo, ukuze ungasibulali thina nabantu bakithi,” ngokuba kwaba khona ukwesaba okukhulu emzini wonke, besaba ukufa. Bheka, isandla sikaNkulunkulu sasinzima kakhulu kubo.


Impela isandla sikaSimakade sasimelene nawo ukuwabhubhisa phakathi kwenkambu, aze aphele nya.


UJuda wayesethi kuThamari, umalokazana wakwakhe: “Kungcono uhlale ube ngumfelokazi emzini kayihlo kuze kukhule indodana yami uShela.” Ngokuba uJuda wathi: “Angase afe naye lo njengabafowabo.” UThamari wahamba wayohlala emzini kayise.


Buyelani emuva madodakazi ami, hambani, ngokuba sengimdala ukuba ngisengagana ngibe nomyeni. Noma ngabe belikhona ithemba lokuba ngingathola indoda ngilale nayo namhlanje ebusuku bese ngiyakhulelwa ngizale amadodana,


Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye.


Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite