Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




URuthe 1:1 - IsiZulu 2020

1 Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwasekusithi emihleni yokubusa kwabahluleli, kwaba khona indlala elizweni; Indoda ethile yaseBetlehema Juda yahamba yagogobala ezweni lakwaMowabi, yona nomkayo namadodana akhe amabili.

Gade chapit la Kopi




URuthe 1:1
26 Referans Kwoze  

Kwase kuhlasela indlala eKhanani, u-Abhrama wayesehlela eGibhithe ukuyogogobala khona, ngokuba indlala yayidlangile ezweni lakubo.


Kwaba khona enye indlala ezweni ngaphandle kwaleyo eyayike yaba khona emihleni ka-Abhrahama. U-Isaka wathutha waya eGerari enkosini yamaFilisti u-Abhimeleki.


“Ndodana yomuntu, uma izwe lona kimi ngokwenza ukungethembeki, ngiyakwelula isandla sami ngimelane nalo, ngiqede umthombo walo wokudla, ngithumele indlala kulo, ngibulale abantu nezilwane okukulo.


Leyo ndoda yawushiya umuzi iBhethlehema kwaJuda, ukuba iyohlala lapho yayingathola khona indawo. Yahamba yaze yafika endlini kaMikha kwelezintaba kwa-Efrayimi.


Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.


Indlala yayisalokhu idlangile ezweni.


“Mina nganilethela indlala kuyo yonke imizi yenu, nokuntula isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla.


“Uyophuma nembewu eningi, uye ensimini, uvune okuyingcosana, ngokuba kuyodliwa yisikhonyane.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya maqondana nesomiso, lathi:


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


Wayesehamba u-Eliya wayozibonakalisa ku-Ahabi. Indlala yayibhokile eSamariya.


Emva kukaJeftha kwalandela u-Ibizani waseBhethlehema ukwehlulela u-Israyeli.


Kwaba khona indlala, ezinsukwini zikaDavide, iminyaka emithathu ilandelana. UDavide wafuna ubuso bukaSimakade. USimakade wathi: “Lokhu kungenxa kaSawule nendlu yakhe abachitha igazi, ngokuba babulala abaseGibheyoni.”


Kwakukhona insizwa eBhethlehema kwaJuda, ingeyesizwana sakwaJuda. YayingumLevi, igogobele lapho.


“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”


uSalima uyise kaBhethlehema, noHarefi uyise kaBhethi Gaderi.


Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite