Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:5 - IsiZulu 2020

5 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Balenza-ke iphasika ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa ehlane laseSinayi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bagcina iPhasika ngosuku lweshumi nane lwenyanga kusihlwa ehlane laseSinayi; njengalokho uJehova emyalile uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:5
18 Referans Kwoze  

Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.


Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


UMose wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, ukuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa.


“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.


Kwathi ngonyaka wama-40, ngenyanga ye-11, ngosuku lokuqala lwayo, uMose watshela abakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho ukuba akukhulume kubo.


UMose wabatshela abantu bakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho.


UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.


Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


UNowa wakwenza konke lokho njengalokhu uSimakade ayemyalile.


UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.


UMose wabatshela abantu bakwa-Israyeli ukuthi bayolenza iphasika.


Bonke abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayebayalile ngoMose no-Aroni.


Abakwa-Israyeli benza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite