Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:23 - IsiZulu 2020

23 Ngezwi likaSimakade babekanisa, nangezwi likaSimakade bahambe; baligcina izwi likaSimakade aliyaleza ngesandla sikaMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Njengomyalo weNkosi bahlala ematendeni, futhi ngokomyalo weNkosi bahamba;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:23
11 Referans Kwoze  

anibalahlanga abafowenu ngazo zonke lezi zinsuku kuze kube namuhla, kodwa nikuqikelele ukugcina konke uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngakho.


Nalapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli izinsuku eziningi, abakwa-Israyeli babesigcina isiyalo sikaSimakade, bangahambi.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine imiyalo yami, uyakuphatha endlini yami, unakekele namagceke ami; ngiyakwenza uhambe phakathi kwalaba abami lapha.


Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kodwa nizibekele abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.”


ngoba u-Abhrahama walilalela izwi lami, wagcina imiyalo yami, imithetho, izimiso, neziyalo zami.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.


Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.


Njengezinkomo zehlela ethafeni, uMoya kaSimakade wabaphumuza. Wabahola kanjalo abantu bakho, ukuze uzenzele igama elimangalisayo.


Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka ehlane iSini lahamba ngezigaba, njengokuyala kukaSimakade. Lakanisa eRefidimi, kodwa kwakungekho manzi okuba abantu baphuze.


Lokhu kwakungokokuqala besuka ngokwesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite