Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:21 - IsiZulu 2020

21 Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kwathi lapho ifu lihlezi kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni, nefu liphakama ekuseni, basuka; noma kwakusemini noma ebusuku ukuthi ifu lenyuka, bahamba.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:21
4 Referans Kwoze  

“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.


Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


Ngesinye isikhathi ifu lalima phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbalwa. Babehlala enkanjini ngokwesiyalezo sikaSimakade, bahambe futhi njengokuyala kukaSimakade.


Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite