Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 9:14 - IsiZulu 2020

14 “ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, egcina iphasika kube yinkazimulo kaJehova; njengokwesimiso sephasika nangokwesiko lalo uyakwenza kanjalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 9:14
14 Referans Kwoze  

Niyoba nesehlulelo esifanayo kumfokazi nakowozalo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


Qoqa abantu: abesilisa, abesifazane, abantwana, nomfokazi osemzini wakho ukuze bezwe, bafunde, bamesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, baqikelele ukwenza wonke amazwi alo mthetho,


izingane zenu, omkenu, nomfokazi ophakathi kwezinkambu zakho, kusukela kogawula izinkuni kuya kulowo okha amanzi,


niyakuthengiselana nomakhelwane wakho kuye ngenani leminyaka emva kwejubhili nangenani leminyaka yomkhiqizo.


Aniyukwemukela lutho esandleni sowezizwe, bese ninikela ngakho kube yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba kunikelwe kunokungcola kukho, ngakho-ke akuyukwemukeleka.’ ”


Awuyukuvuna konke esivinini sakho, awuyukubutha amagilebhisi avuthuluke kuso, uyowashiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,


Lonke ibandla lakwa-Israyeli liyokwenza lokhu.


Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.


Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ”


Abantu bakwa-Israyeli ababebuye ekuthunjweni nabo bonke abase beyiyekile imikhuba yabezizwe bazinikela ekukhonzeni uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, badla iPhasika.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite