Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 6:3 - IsiZulu 2020

3 uyozehlukanisa newayini nophuzo olunamandla. Akayukuwuphuza uviniga wewayini, uviniga wophuzo olunamandla, akayukuphuza lutho lwezithelo zomvini, futhi akayukuwadla amagilebhisi asemasha noma omisiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Angayeka iwayini nophuzo oludakayo, angaphuzi viniga wewayini noma uviniga wesiphuzo esinamandla, angaphuzi isiphuzo samagilebhisi, angadli izithelo zomvini ezimanzi noma izithelo zomvini ezomisiweyo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 6:3
15 Referans Kwoze  

Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.


Ungaphuzi amanzi wodwa, kodwa phuza kancane newayini ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka obukuvamileyo.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


“Kodwa naphuzisa amaNaziri iwayini, nenqabela abaphrofethi, nithi: ‘Ningaphrofethi.’


Akayukudla lutho oluvela esithelweni somvini, akayukuphuza wayini noma uphuzo olunamandla, futhi akayukukudla okungcolileyo. Makakugcine konke engimyale ngakho.”


“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho, nxa ningena ethendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Dedani kulo lonke uhlobo lobubi.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Zonke izinsuku zakhe njengomnaziri, akayukudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.


Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo,


Ngavusa amanye amadodana enu aba ngabaphrofethi, nezinye izinsizwa zenu zaba ngamaNaziri. Akunjalo yini bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite