Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 6:24 - IsiZulu 2020

24 “ ‘USimakade makakubusise, akulondoloze;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “ ‘ “UJehova makakubusise, akulondoloze;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 INkosi inibusise futhi ikuvikele.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 6:24
22 Referans Kwoze  

Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.


Kepha kuYena onamandla okunilonda ningakhubeki, animise phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza.


“Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe,


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


USimakade makakubusise eseZiyoni, Yena owenze izulu nomhlaba.


Esekhona lapho, bheka kwafika uBhowazi evela eBhethlehema wathi kubavuni: “USimakade makabe nani.” Bamphendula bathi: “USimakade makakubusise.”


Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho,


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Umusa weNkosi uJesu Khristu mawube nomoya wenu.


Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Khristu ngothando olungapheliyo.


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.


“Mina Simakade ngingumlindi waso; njalo ngiyasichelela; ngisilinda ubusuku nemini, kungaze kube khona osonakalisayo.


Uma ngingenzi kanjalo lowo ongazi lutho uyosho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho na? Lokhu akazi ukuthi uthini.


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


Manje-ke vuma ukubusisa indlu yenceku yakho ukuze ibe phambi kwakho kuze kube phakade, ngokuba Wena Nkosi Simakade, ukhulumile ngesibusiso sakho, iyakubusiswa indlu yenceku yakho, kuze kube phakade.”


“Kalokhu, Nkulunkulu wethu, yizwa umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, ukhanyise ubuso bakho phezu kwendlu yakho engcwele, echithakeleyo ngenxa yeNkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite