Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 6:18 - IsiZulu 2020

18 “ ‘Umnaziri uyophuca ikhanda lobunaziri bakhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobunaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UmNaziri uyakuphuca ikhanda lesigaba sakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lesigaba sakhe, aziphonse emlilweni ophansi komnikelo wokuthula.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 6:18
9 Referans Kwoze  

wathathe uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuze aphuce amakhanda, khona bonke bezokwazi ukuthi akukho lutho oluliqiniso kulokho okubikiwe ngawe, kodwa ukuthi nawe uyavumelana nomthetho futhi uyawugcina.


“ ‘Uma umuntu efa ngokuzuma eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobunaziri bakhe, uyakuphuca ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphuce ngosuku lwesikhombisa.


Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


Ngakho-ke uPawula wathatha lawo madoda, kwathi ngakusasa wazihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabazisa ngokuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kwenziwe umnikelo walowo nalowo.


Kanjalo nani, uma senikwenzile konke enikuyalelweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho, ngokuba sikwenzile lokho obekufanele ukuba sikwenze.’ ”


“ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobunaziri akuyukusondela nsingo ekhanda lakhe; uyoba ngcwele zize ziphelele izinsuku azehlukanisela ngazo kuSimakade, uyakuvumela ukuba nesihluthu ekhanda.


Ngakho-ke yenza lokhu esizakukutshela khona: kukhona phakathi kwethu amadoda amane azibophile ngesifungo,


Uyonikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kuSimakade neqoma lesinkwa esingenamvubelo. Umphristi uyobuye anikele ngomnikelo wayo wokusanhlamvu nangowokuphuzwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite