Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 5:18 - IsiZulu 2020

18 umphristi uyommisa owesifazane phambi kukaSimakade, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, abeke umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, umnikelo wokusanhlamvu wesikhwele; kuthi esandleni somphristi kube namanzi ababayo aletha isiqalekiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Umpristi kumelwe ambeke owesifazane phambi kukaJehova, embule ikhanda lowesifazane, abeke umnikelo wesikhumbuzo womhawu esandleni sakhe, futhi umpristi abe namanzi ababayo esiqalekiso esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 5:18
18 Referans Kwoze  

Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.


Uma owesifazane engathwele ekhanda, kungcono agundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphucwe, makamboze.


Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Impela, kwakungenxa yami ukuba ngibe nomunyu omkhulu; nguwena owawuthanda umphefumulo wami, waze wawophula egodini lokubhujiswa, ngokuba uzintshinge emuva kwakho zonke izono zami.


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


kodwa ekugcineni uyababa njengenhlaba, ubukhali njengenkemba ekhaliphe nhlangothi zombili.


USamuweli wayesethi: “Mletheni kimi u-Agagi, inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye eboshiwe. U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa usudlulile.”


funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo,


lawa manzi aletha isiqalekiso, ayongena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho;” owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”


Umphristi uyothatha amanzi angcwele esitsheni sebumba, nothuli oluphansi ethabanakelini. Uyakuluthatha alufake emanzini,


indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi.


“Umuntu onesifo sochoko ziyakuklejulwa izingubo zakhe, ikhanda lakhe linganakwa, awamboze amadevu, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’


nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele ukuba zibe yisembozo kuye.


Umphristi uyomfungisa owesifazane, athi: “Uma kungekho ndoda elale nawe, uma ungaphambukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, khululeka kulawa manzi ababayo aletha isiqalekiso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite