Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 4:5 - IsiZulu 2020

5 Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumelwe beze, bakhumule isembozo bamboze umphongolo wobufakazi ngaso.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 4:5
23 Referans Kwoze  

Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,


ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe,


Uyobhubhisa kule ntaba isembozo esemboze bonke abantu, nomgubuzelo ogubuzele zonke izizwe.


Kwasuka kuqala ibhanela lenkambu yabozalo lukaJuda ngamaqembu abo, beholwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.


Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.


Benza ikhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, lahlotshiswa ngamakherubhi ngobungcweti obukhulu.


Uyakubeka i-althare legolide lokushisela impepho phambi komphongolo wesivumelwano, bese ufaka isihenqo somnyango wethabanakeli.


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


“Umsebenzi wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana umayelana nezinto ezingcwelengcwele.


Abozalo lukaKhohathi abanikwanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayingeyabo; isemahlombe abo.


UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


Abozalo lwabaLevi bawuthwala ngezingongolo emahlombe umphongolo kaNkulunkulu, njengokuyala kukaMose, ngezwi likaSimakade.


AbaLevi bayakuthwala ithabanakeli nazo zonke izinto zalo zenkonzo.”


Wenza isihenqo ngokuluhlaza, ngokububende, ngokubomvu nangelineni elicolekileyo, wabeka amakherubhi kuso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite