Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 4:3 - IsiZulu 2020

3 kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 4:3
27 Referans Kwoze  

kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.


Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.


Lithembekile leli lizwi elithi: uma umuntu efisa ukuba ngumphathi, ulangazelela umsebenzi omuhle.


Thimothewu mntanami, ngikunika lo myalo njengokweziphrofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ngazo ulwe ukulwa okuhle,


UJesu uqobo waqala umsebenzi wakhe eseneminyaka cishe engama-30 ubudala. Wayeyindodana, njengalokhu babesho, kaJosefa, ka-Heli,


Ngenyanga yesibili, ngonyaka wesibili bebuyele endlini kaNkulunkulu eJerusalema, uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, nabo bonke abafowabo nabaphristi nabaLevi nabo bonke ababeseJerusalema bebuya ekuthunjweni, bawuqala umsebenzi. Baqoka abaLevi, ababeneminyaka engaphezu kwama-25 ukuba bengamele izisebenzi ezazisebenza endlini kaSimakade.


Abafowabo abaLevi banikwa inkonzo yonke yethabanakeli lendlu kaNkulunkulu.


akwanele yini kini ukuthi uNkulunkulu ka-Israyeli unehlukanisile enhlanganweni yakwa-Israyeli, ukuba nisondele kuye ukuze nenze inkonzo yethabanakeli likaSimakade nokuba nime phambi kwenhlangano, nibe yizisebenzi zayo,


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabeneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana.


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kube kwabaneminyaka engama-50, uyobabala bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


“Balani bonke abozalo lukaKhohathi, abaphakathi kwabozalo lukaLevi ngokwemindeni yabo nangokwezindlu zokhokho babo,


“Umsebenzi wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana umayelana nezinto ezingcwelengcwele.


UDavide waqala ukubusa eseneminyaka engama-39; wabusa iminyaka engama-40.


kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, bonke kwa-Israyeli asebekwazi ukuphuma baye empini, wena no-Aroni, niyobabala ngamaviyo abo.


Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze.


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala ethendeni lokuhlangana,


Ukubalwa kwabaphristi kwakuya ngokwezindlu zoyise; abaLevi babebhalwa kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokwemisebenzi yabo nezigaba zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite