Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 4:24 - IsiZulu 2020

24 “Nanku umsebenzi wemindeni kaGereshoni, ngowokukhonza nowokuthwala:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Lona ungumsebenzi wezizukulwane zamaGereshoni ukukhonza nokuthwala.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 4:24
12 Referans Kwoze  

Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuze kube kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala ethendeni lokuhlangana,


Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.


kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe.


“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.


Umsebenzi wabozalo lwabakaGereshoni ethendeni lokuhlangana kwakungukunakekela ithabanakeli, ithende, isembozo salo, nekhethini elalisemnyango wethende lokuhlangana,


kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuyokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana.


bayakuthwala amakhethini ethabanakeli, ithende lokuhlangana, isembozo salo, isembozo esiyisikhumba samahlengethwa esiphezu kwalo, isihenqo esisemnyango wethende lokuhlangana,


Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wakunika abozalo lukaGereshoni ngokomsebenzi wabo.


namakhethini asegcekeni nekhethini elisemnyango wegceke elizungeze ithabanakeli ne-althare, izintambo zalo, nayo yonke imisebenzi ephathelene nalezo zinto.


Ithabanakeli lathwalwa ngabozalo lukaGereshoni nabolukaMerari, abangabathwali bethabanakeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite