9 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
9 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”
“Tshela abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani, ningena eKhanani,
“Kuyothi uma umbulali ebalekela khona, aphile: yilowo nalowo oyobulala umakhelwane wakhe engaqondile, futhi ebengamzondi phambilini,
“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezishabalalisile izizwe ezizwe lazo uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, wena uzixoshe, bese uhlala emizini yazo nasezindlini zazo.
USimakade wakhuluma kuJoshuwa, wathi: