Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:8 - IsiZulu 2020

8 Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa-Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi, kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Imizi eniyobanika yona kumelwe ivele efeni labantwana bakwa-Israyeli; Abanokuningi bapheni okuningi; kodwa kwabanokuncane, kufanele niphe okuncane; yilowo nalowo emizini yakhe kumelwe anike amaLevi ngokwefa laso elizuzwa njengefa.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:8
11 Referans Kwoze  

Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


Abaningi uyakubabela ifa elikhulu, abayingcosana ubabele ifa elincane, yilowo nalowo abelwe ifa ngokwesibalo sabantu anabo.


Kepha kwathi lapho bekulinganisa nge-omeri, kulabo ababebuthe okuningi akusalanga lutho, nalabo ababebuthe okuncane abantulanga: yilowo nalowo wayebuthe ngangokwesidingo sakhe.


Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.


“ ‘Kepha imizi yabaLevi, izindlu zemizi eyifa labo, abaLevi bayoba nelungelo lokuzihlenga noma nini izindlu ezisemizini eyifa labo.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


AbaLevi bashiya amadlelo abo nefa labo, baya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobhowamu namadodana akhe bawenqabela ukuba abe ngabaphristi bakaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite