Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 35:12 - IsiZulu 2020

12 Kini iyokuba yimizi yokuphephela kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Lawa ayakuba yimizi yenu njengesiphephelo kubaphindiseli; ukuze umbulali angafi, aze eme phambi kwebandla ekwahlulelweni.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 35:12
10 Referans Kwoze  

Kungenzeka umphindiseli wegazi amlandele umbulali esagcwele intukuthelo enhliziyweni yakhe, amfice, ngoba umuzi ukude, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebengazange amzonde phambilini.


Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.


Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.


Imizi eniyobanika yona ibe ngeyokuphephela, iyokuba yisithupha.


“Kuyothi uma umbulali ebalekela khona, aphile: yilowo nalowo oyobulala umakhelwane wakhe engaqondile, futhi ebengamzondi phambilini,


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Misani imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngoMose


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite