Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 34:13 - IsiZulu 2020

13 UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 34:13
10 Referans Kwoze  

USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


USimakade wathi kuMose:


Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.


Umngcele wehlele eJordani, uphume ngasoLwandle Lukasawoti. Yilelo-ke izwe lenu ngokwemingcele yalo, nxazonke.’ ”


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona, iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebhanoni nasemfuleni, umfula iYufrathe, kuze kube solwandle olungasentshonalanga, iyakuba yindawo yenu.


“ ‘Kuyothi lapho izwe senilehlukanisa ngonkatho ukuba libe yifa, bese ninikela kuSimakade ingxenye yalo ekhethekileyo, ubude balelo lizwe kube ngamakhubhithi ayizi-25 000; ububanzi bube ngamakhubhithi ayizi-10 000; liyakuba yindawo engcwele, kuyo yonke imingcele yalo nxazonke.


Ngakho-ke akuyukubabikho kini ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho ebandleni likaSimakade.


Ngalokho-ke lehlukanise leli lizwe libe yifa lezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwana sakwaManase.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite