Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 33:55 - IsiZulu 2020

55 “ ‘Kepha uma ningabaxoshi abantu balelo lizwe phambi kwenu, eniyobashiya bayoba ngameva emehlweni enu nanjengezincijo ezinhlangothini zenu, bayonihlupha ezweni enihlala kulo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha uma ningabaxoshi abakhileyo ezweni phambi kwenu; khona-ke labo enibayekayo bayakuba ngameva emehlweni enu nameva ezinhlangothini zenu, nihlushwe ezweni enihlala kulo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 33:55
11 Referans Kwoze  

Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni bese ikhonza abanye onkulunkulu; intukuthelo kaSimakade ikuvuthele, akubhubhise masinyane.


Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


“ ‘ “Akusayukuba bikho makhakhasi nameva okuhlabayo nokulimazayo endlini yakwa-Israyeli, kusukela kulabo abazungeze nxazonke nalabo ababadelelayo; bayakukwazi ukuthi ngiyiNkosi uSimakade.


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Ngiyokwenza kini lokho engangihlose ukukwenza kubo.’ ”


ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite