Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 33:4 - IsiZulu 2020

4 AbaseGibhithe babesangcwaba amazibulo abo ayebulawe nguSimakade. USimakade wayebehlulela nonkulunkulu babo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 AbaseGibhithe bembela wonke amazibulo abo iNkosi eyayiwabulele phakathi kwabo; uJehova wabajezisa onkulunkulu bawo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 33:4
8 Referans Kwoze  

“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Isiphrofetho ngeGibhithe. Bheka, uSimakade ugibele efini elisheshayo, uyeza eGibhithe; onkulunkulu baseGibhithe bazothuthumela phambi kwakhe, nezinhliziyo zabaseGibhithe ziphele amandla phakathi kwabo.


USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite