Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 33:3 - IsiZulu 2020

3 Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-15 lwayo; ngosuku olulandela olwephasika. Abakwa-Israyeli baphuma ngendumiso bebuka bonke abaseGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Basuka eRamsesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngangomuso emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 33:3
10 Referans Kwoze  

USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


Namuhla, niyaphuma ngenyanga u-Abibi.


Abantu bakwa-Israyeli basuka eRamesesi baya eSukhothi. Kwakungamadoda abalelwa ezi-600 000 ayehamba ngezinyawo, ngaphandle kwezingane.


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


IGibhithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


UMose waloba ngohambo lwabo lapho besuka khona, nalapho babekanisa khona njengesiyalezo sikaSimakade. Nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite