Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 33:2 - IsiZulu 2020

2 UMose waloba ngohambo lwabo lapho besuka khona, nalapho babekanisa khona njengesiyalezo sikaSimakade. Nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UMose waloba ukuphuma kwabo njengezinyathelo zabo njengesiyalezo sikaJehova; lezi ziyizinkambo zabo ngohambo lwabo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 33:2
8 Referans Kwoze  

USimakade wayesethi kimi: ‘Sukuma uhambe phambi kwabantu, ukuze bahambe, balidle izwe engafunga ngalo kokhokho babo ukubanika lona.’ ”


Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.


Lokhu kwakungokokuqala besuka ngokwesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.


Uma senihlaba umkhosi okwesibili izinkambu ezingaseningizimu ziyosuka, ziyohlaba umkhosi ekusukeni kwazo.


USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”


Nansi indlela abantu bakwa-Israyeli abahlelwa ngayo ngokwamathimba abo, ngesikhathi bephuma eGibhithe beholwa nguMose no-Aroni.


Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-15 lwayo; ngosuku olulandela olwephasika. Abakwa-Israyeli baphuma ngendumiso bebuka bonke abaseGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite