Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 32:38 - IsiZulu 2020

38 iNebho, neBhali Mehoni neSibhima; yonke imizi bayiqamba amagama amasha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 neNebo, neBali Mehoni, lapho amagama aguqukayo, neSibima; bayiqamba amanye amagama imizi abayakhayo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 32:38
15 Referans Kwoze  

UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo.


“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,


ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,


“Kuqapheleni konke engikusho kini. Ningakhuleki emagameni abanye onkulunkulu; ningawaphathi ngisho nangemilomo yenu amagama abo.”


“Laba abazikhethela omunye unkulunkulu, bandisa izinhlupheko zabo. Angiyukunikela ngemihlatshelo yabo yegazi, angiyukuwaphatha ngisho amagama abo ngezindebe zami.”


Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.


U-Isaka wabuye wayimba imithombo eyayikade imbiwe emihleni ka-Abhrahama, wayibiza ngamagama ayeyiqambe wona uyise, ngokuba amaFilisti ayekade eyivalile emva kokufa kuka-Abhrahama.


Abozalo kukaRubeni bakha kabusha iHeshibhoni, i-Elehale, iKiriyathayimi,


Kwabozalo lukaNebho: nguJehiyeli, uMathithiya, uZabhadi, uSebhina, u-Ido, uJoweli noBhenaya.


Amasimu aseHeshibhoni ashaziwe, kwabuna nezivini eSibhima, ezixha zawo zamagilebhisi ekhethelo, ayedaka amakhosi ezizwe afinyelela naseJazeri, enabela nasehlane; amahlumela awo elulwa, awela ulwandle.


Mayelana noMowabi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maye, kulo iNebho, ngokuba liyakubhujiswa, lithelwe ngehlazo, libanjwe iKiriyathayimi, ngokuba liyakuthelwa ngehlazo, izinqaba zalo zibe yimvithi!


“ ‘uyabona-ke manje, sengizowuvula umthambeka kaMowabi, angabe esaba namizi, kusukela emizini esemingceleni, indawo enhle yezwe: iBhethi Jeshimothi, iBhali Mehoni, neKiriyathayimi,


Uyofela kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuyele kwabakini, njengoba no-Aroni, umfowenu, afela entabeni iHori, wabuyela kwabakubo,


Ukwehlulela kwehlele ezweni eliyithafa: eHoloni, eJahazi, naseMefahathi;


eKiriyathayimi, eBhethi Gamuli, naseBhethi Mehoni;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite