Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:9 - IsiZulu 2020

9 Abakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nezingane, bathatha yonke imfuyo yabo nawo wonke umcebo wabo, nempahla yabo, kwayimpango.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abantwana bakwa-Israyeli bathumba bonke abesifazane bakwaMidiyani nabantwana babo, bathumba zonke izinkomo zabo, nayo yonke imihlambi yabo, nayo yonke impahla yabo.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:9
9 Referans Kwoze  

USimakade uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase-Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa-Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.


Kodwa abesifazane, abantwana, izinkomo, nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, uyothatha khona kuphela kube ngokwakho, uyakuyidla impango yezitha zakho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike yona.


Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.


Yonke imizi yabo ezindaweni, lapho babehlala khona, nawo wonke amathende abo bakushisa ngomlilo.


nayo yonke ingcebo, bathumba izingane, amakhosikazi, bakuphanga konke okwakusezindlini.


Amabutho wona ayezithathele impango, kwaba yilelo nalelo ngokwalo.


Bacekela phansi amathende emfuyo, bathatha izimvu eziningi namakameli, babuyela eJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite