Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:29 - IsiZulu 2020

29 niyokuthatha engxenyeni yawo, nikunike u-Eleyazare, umphristi, kube ngumnikelo kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Thatha inxenye yazo uyinike u-Eleyazare umpristi ibe ngumnikelo wokuphakanyiswa ovela kuJehova.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:29
7 Referans Kwoze  

Qaphela, funa ningamnakekeli umLevi zonke izinsuku zokuhlala kwenu ezweni.


Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu.


“Uyobatshela abaLevi uthi kubo: ‘Uma nithatha okweshumi kwabantu bakwa-Israyeli engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu, anonikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, okweshumi kokweshumi.


Uyobusisa isifuba esizungezisiwe njengomnikelo wokuzungeziswa nomlenze ozungezisiwe njengomnikelo wokuzungeziswa enqameni yokugcotshwa kuka-Aroni, ukwehlukanise kulokho okungokuka-Aroni namadodana akhe.


Uyothathela uSimakade intela emabuthweni akade esempini, kube kunye ema-500; awabantu, awezinkomo, awezimbongolo nawezimvu,


Engxenyeni yabantu bakwa-Israyeli uyothatha kube kunye ema-50, awabantu, awezinkomo, izimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike abaLevi abagcina inkonzo yethabanakeli likaSimakade.”


Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantu bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umphristi, ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite