Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:23 - IsiZulu 2020

23 konke okungeke kushe emlilweni, niyokudabulisa kuwo kuhlambuluke. Noma kunjalo niyokuhlambulula futhi ngamanzi okuhlambulula. Konke okushayo emlilweni, niyokudabulisa emanzini, kuhlambuluke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Konke okungabekezelela umlilo niyakukudabula emlilweni, kuhlambuluke; nokho kufanele ihlanzwe ngamanzi okuhlukanisa; futhi bonke labo abangakwazi ukuthwala umlilo, kumelwe nidabule emanzini.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:23
20 Referans Kwoze  

“ ‘Umuntu ohlambulukileyo uyakubutha umlotha wesithole, ayowuchitha ngaphandle kwenkambu endaweni ehlambulukileyo, uyakugcinelwa inhlangano yabantu bakwa-Israyeli kube ngamanzi okuhlambulula; ungumnikelo wesono.


“ ‘Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono, namanzi agobhozayo bakuthele ndawonye esitsheni,


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.


“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.


Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.


Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu,


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi,


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule.


Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolileyo kuze kuhlwe.


Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.


igolide, isiliva, ithusi, insimbi, ithini, nomthofu,


Niyohlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene enkanjini.”


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo,


UMose wehla entabeni, waya kubantu. Wabangcwelisa abantu base behlanza izingubo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite