Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 31:16 - IsiZulu 2020

16 Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, kwenza abantwana bakwa-Israyeli baphambuka kuJehova endabeni yasePeyori ngesiluleko sikaBileyamu, kwaba khona isifo phakathi kwebandla leNkosi.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 31:16
11 Referans Kwoze  

Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


Asonanga yini ngokwanele ePheyori, okuze kube manje asikazihlambululi kubo, okwathi ngenxa yabo, yonke inhlangano kaSimakade yehlelwa wubhubhane,


“Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori.


Bheka, manje sengiphindela kwabakithi, kodwa-ke woza ngikweluleke ukuthi laba bantu bazokwenzani kubantu bakho ezinsukwini ezizayo.”


Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo, nowesifazane ondindayo uligodi eliminyeneyo.


ngokuba benze ubuqili, banikhohlisa ngodaba lukaPheyori nangendaba kaKhozibhi, indodakazi yomholi wakwaMidiyani, udadewabo owabulawa ngosuku lobhubhane ngenxa kaPheyori.”


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite