Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 30:2 - IsiZulu 2020

2 ‘Uma umuntu enza isifungo kuSimakade, noma enza isifungo ezibophezela ngaso, akayukulaphula izwi lakhe. Uyokwenza njengalokho akukhulume ngomlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo sokubopha umphefumulo wakhe ngebhande; ngeke aphule izwi lakhe, kufanele enze ngokuvumelana nakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 30:2
36 Referans Kwoze  

Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho.


Kwathi kungasa, abaJuda benza itulo, bazibophezela ukuthi abasoze badla futhi baphuze lutho bengakambulali uPawula.


Ngakho-ke ungabavumeli, ngokuba phakathi kwabo kunamadoda angaphezulu kwama-40 azomlalela unyendle, ngokuba azibophe ngesifungo ukuthi awazukudla futhi awazukuphuza engakambulali uPawula. Manje bakulungele lokho, futhi balindele ukuba uvume.”


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,


Ugadla kulabo ahlalisene kahle nabo, usijivazile isivumelwano sakhe,


Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


“ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.


Mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi nganginiphephisa ngokuba ngingaphindi ngize eKhorinte,


Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo.


Baya kubaphristi abakhulu nakumalunga, bathi: “Sizibophezele esifungweni sokuthi asiyukukuthi mbibi ukudla, size simbulale uPawula.


Nibuye nithi: ‘Yilowo ofunga i-althare akulutho lokho, kodwa ofunga umnikelo ophezu kwalo uzibophile.’


“Maye, kini baholi abayizimpumputhe, enithi: ‘Umuntu ofunga ithempeli akusho lutho lokho, kodwa lowo ofunga igolide lasethempelini uzibophile!’


Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo.


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba,


UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.


“ ‘Uma owesifazane enza isifungo esemzini wendoda ayiganile, noma ezibophezela ngaso,


U-Israyeli wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma ubanikela nokubanikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuyichitha impela imizi yabo.”


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;


Zakheleni nina nezingane zenu imizi, nakhele nezimvu zenu izibaya, nenze lokho ebenikushilo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite