Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 30:13 - IsiZulu 2020

13 Zonke izifungo nazo zonke izithembiso azibophezele ngazo ukuzithobisa, indoda yakhe iyakuziqinisa, noma iziqede.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokucindezela umphefumulo, indoda yakhe ingasiqinisa, noma umyeni wakhe azenze ize.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 30:13
13 Referans Kwoze  

Kepha ngithanda ukuba nazi ukuthi uKhristu uyinhloko yawo wonke amadoda, inhloko yowesifazane yindoda, nenhloko kaKhristu nguNkulunkulu.


Ngokuba indoda ayidalwanga ngenxa yowesifazane, kepha owesifazane wadalwa ngenxa yendoda.


Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?


Kepha mina ngesikhathi begula, ngangembethe ingubo eyisaka, ngazihlupha ngokuzila ukudla, ngakhuleka ngigobodisile, ngaqinisela ekubakhulekeleni.


Ngase ngimemezela ukuzila ngasemfuleni i-Ahava nokuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu wethu, sizicelele indlela enhle nephephile, thina nabantwana bethu, nayo yonke impahla yethu.


“ ‘Ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele, niyakuphumula; ningenzi msebenzi.


Kuyoba yisabatha lokuphumula ngokuphelele kini, nithobise imiphefumulo yenu. Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga, kusihlwa, kusukela kusihlwa kuze kube kusihlwa ngakusasa, niyogcina isabatha lenu.”


“Usuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa luwusuku lokubuyisana; niyoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuSimakade.


Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa, ngolweshumi lwenyanga, niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningenzi msebenzi, owolibo nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.


Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhashana ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.


Kodwa uma indoda yakhe kuthi ngosuku ezwa ngalo, ikwenze ize konke okwaphuma emlonyeni wakhe mayelana nezifungo zakhe nangesibopho sakhe, akuyukuhlala kunjalo, ngokuba indoda yakhe ikwenze ize; uSimakade uyomthethelela.


Kodwa uma indoda yakhe ithulile ayasho lutho kuye, kwadlula izinsuku ngezinsuku, iyaziqinisa zonke izifungo zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile ngosuku eyezwa ngalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite