Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 3:38 - IsiZulu 2020

38 Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Labo abamisa phambi kwetabernakele* ngasempumalanga, ngaphambi kwetende lokuhlangana ngasekuphumeni kwelanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe, begcina inkonzo yendlu engcwele, begcina imfanelo yabantwana bakwa-Israyeli; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Abamisa phambi kwetabernakele ngasempumalanga phambi kwetende lokuhlangana ngasempumalanga, bayakuba ngoMose no-Aroni namadodana akhe abagcina inkonzo yendlu engcwele enkonzweni yabantwana bakwa-Israyeli; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 3:38
12 Referans Kwoze  

Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”


AbaLevi bayomisa amathende abo azungeze ithabanakeli lobufakazi, ukuze ulaka lungehleli phezu kwenhlangano yabantu bakwa-Israyeli. AbaLevi bayakufeza yonke imisebenzi yokuqapha ithabanakeli lobufakazi.”


Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


Umholi wendlu kakhokho wemindeni yamaMerari kwakunguZuriyeli, indodana ka-Abhihayili, bona bayakukanisa ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli.


Imindeni yabozalo lwabakwaKhohathi iyakukanisa ohlangothini oluseningizimu lwethabanakeli.


Imindeni kaGereshoni iyakukanisa emva kwethabanakeli ngasentshonalanga.


Lapho sekusukwa, abaLevi bayoliwisa ithabanakeli, kuthi lapho kukaniswa khona, babuye balimise; umfokazi oyosondela kulo uyakubulawa.


Babebuye banakekele izinsika zegceke nxazonke, izisekelo, izikhonkwane, nezintambo zalo.


Bayakugcina umsebenzi wethende lokuhlangana, nezimfanelo zendawo engcwele, nezimfanelo zabozalo luka-Aroni, abafowabo, ekukhonzeni endlini kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite