Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 3:16 - IsiZulu 2020

16 UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho wayalwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UMose wababala njengezwi likaJehova, njengalokho eyaliwe.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 3:16
11 Referans Kwoze  

Yilabo ababalwayo, bemindeni yamaKhohathi, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade ngesandla sikaMose.


Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.


Abaphristi, amadodana kaLevi, bayosondela, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaSimakade; yibona abayokhipha isinqumo mayelana nakho konke ukuxabana nokulwa.


Babalwa-ke njengesiyalezo sikaSimakade kuMose, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe. Babalwa kanjalo-ke, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Yilabo ababalwayo, bemindeni yozalo lukaMerari, ababalwa nguMose no-Aroni njengokusho kukaSimakade ngesandla sikaMose.


Yilabo ababalwayo bemindeni yozalo lukaGereshoni, bonke abakhonza ethendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose no-Aroni njengesiyalezo sikaSimakade.


Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.


UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro.


“Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”


Lawa ngamadodana kaLevi ngamagama awo: uGereshoni, uKhohathi noMerari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite