Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 28:4 - IsiZulu 2020

4 Enye imvu uyonikela ngayo ekuseni, enye kusihlwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kumelwe ulungise elinye iwundlu ekuseni, futhi kumelwe ulungise elinye kusihlwa;

Gade chapit la Kopi




UNumeri 28:4
12 Referans Kwoze  

yebo, ngisakhuluma ngomkhuleko, lowo muntu uGabhriyeli engambona embonweni kuqala, endiziswa ngokushesha, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Kwathi ngesikhathi sokunikela, u-Eliya umphrofethi wasondela, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, namhlanje makwazeke ukuthi Wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngikwenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Kwathi lapho isidlulile imini, baphrofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubanga khona zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


Ngosuku lwe-14 lwaleyo nyanga kusihlwa, niyakuligcina ngesikhathi esimisiweyo, njengokwazo zonke izimiso zalo nemithetho yonke yokugcinwa kwalo.”


Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


Uma enikela ngewundlu libe ngumnikelo wakhe uyoliletha phambi kukaSimakade,


Uyothi kubo: ‘Nanku umnikelo womlilo eniyonikela ngawo kuSimakade: izimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.


Uyonikela nokweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu, oxovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiweyo.


ukuba banikele njalo kuSimakade ngeminikelo yokushiswa, phezu kwe-althare lomnikelo wokushiswa, ekuseni nakusihlwa njengalokhu konke kulotshwe emthethweni kaSimakade ayala ngawo u-Israyeli.


Mbathani indwangu eyisaka nina baphristi, nilile, nikhihle isililo nina zikhonzi ze-althare. Wozani nilale ubusuku bonke nembethe indwangu eyisaka nina zinceku zikaNkulunkulu wami. Ngokuba umnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo akusalethwa endlini kaNkulunkulu wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite