UNumeri 27:11 - IsiZulu 202011 Uma uyise engenabafowabo, niyakulabela isihlobo sakhe esisondelene naye emndenini, silidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sobulungiswa kwabakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.’ ” Gade chapit laIBHAYIBHELI ELINGCWELE11 Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ” Gade chapit laContemporary Zulu Bible 202411 Uma uyise engenabafowabo, kumelwe nilinike isihlobo sakhe segazi esiseduze naye ohlwini lwaso ifa lakhe, silidle; futhi kumelwe kube yisimiso sokwahlulela kubantwana bakwa-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. Gade chapit la |
“UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade.