Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 26:55 - IsiZulu 2020

55 Izwe liyokwabiwa ngonkatho. Yileso naleso sizwana sabelwe ngokwamagama okhokho baso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kepha izwe liyakuhlukaniswa ngenkatho, ifa ngokwamagama ezizwe zoyise.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 26:55
21 Referans Kwoze  

UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,


Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11.


Unkatho luyayiqeda ingxabano; luyehlukanisa phakathi kwabanamandla.


Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.


Unkatho lwesikhombisa lwadla isizwana sabozalo lukaDani ngemindeni yaso.


Unkatho lwesithupha lwadla abozalo lukaNafethali ngemindeni yabo.


Unkatho lwesihlanu lwadla abozalo luka-Asheri ngemindeni yabo.


Unkatho lwesine lwadla u-Isakhare, abozalo luka-Isakhare ngemindeni yabo.


Unkatho lwesithathu lwadla abozalo lukaZebuloni ngokwemindeni yabo. Umngcele wesabelo sabo wawufinyelela eSaridi;


Unkatho lwesibili lwadla uSimeyoni. Isizwana sabozalo lukaSimeyoni ngemindeni yaso ifa laso laliphakathi kwefa labozalo lukaJuda.


Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu.


Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”


Izwe liyakwabelwa abaningi nabayingcosana ngonkatho.”


Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.


zathi: “USimakade wayiyala inkosi yami ukuba inike abantu bakwa-Israyeli izwe libe yifa labo ngonkatho. USimakade wayiyala futhi inkosi yami ukuba inike amadodakazi omfowethu uZelofehadi ifa lakhe, libe yifa lawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite