Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 26:54 - IsiZulu 2020

54 Abaningi uyakubabela ifa elikhulu, abayingcosana ubabele ifa elincane, yilowo nalowo abelwe ifa ngokwesibalo sabantu anabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

54 Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

54 Abaningi niyobanika ifa elikhulu, abayingcosana nibanike ifa elincane; yilowo nalowo makanikwe ifa lakhe ngokwababalwayo nguye.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 26:54
7 Referans Kwoze  

Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”


Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, linike izinceku zakho leli lizwe libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”


“I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni,


“Laba bayokwabelwa izwe libe yifa labo ngokwenani lamagama abo.


Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”


Ifa labozalo lukaSimeyoni laliyingxenye yendawo yabozalo lukaJuda, ngokuba ingxenye yabozalo lukaJuda yayinkulu kunaso, ngalokho-ke abozalo lukaSimeyoni bathola ifa labo phakathi kwelabakwaJuda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite