Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 26:53 - IsiZulu 2020

53 “Laba bayokwabelwa izwe libe yifa labo ngokwenani lamagama abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 “Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Kubo, izwe kumelwe lihlukaniselwe njengefa ngokwesibalo samagama.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 26:53
16 Referans Kwoze  

Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Wabenza baba ngumbuso nabaphristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”


Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.


Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


USimakade wathi kuMose:


Abaningi uyakubabela ifa elikhulu, abayingcosana ubabele ifa elincane, yilowo nalowo abelwe ifa ngokwesibalo sabantu anabo.


Niyakulidla izwe ngonkatho, ngokwemindeni yakini, abaningi niyakubabela ifa elikhulu, nabayingcosana nibabele ifa elincane, noma kuphi lapho unkatho lumudla khona umuntu, kuyakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwana zoyihlo.


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


ethi: “Ngizakukunika iKhanani libe yisabelo sefa lenu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite