11 Kodwa amadodana kaKhora awafanga.
11 Kepha amadodana kaKora awafanga.
11 Kodwa abantwana bakaKora abazange bafe.
Amadodana kaKhora: ngu-Asiri, u-Elikhana, no-Abhiyasafa. Yiyo-ke le imindeni kaKhora.
Lalelani lokhu nina bantu, nonke bekani indlebe, nonke zakhamuzi zasemhlabeni,
Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
Zizwe zonke, shayani izandla, hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu.
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.
Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, nokhokho bethu besitshela lokho owakwenza emihleni yabo, emihleni yasemandulo.
Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.
“Oyise abayukubulawa ngenxa yamadodana, namadodana awayukubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyobulawa ngenxa yesono sakhe.
Baya kwalasha bezwa, nakho konke okungokwabo. Umhlaba wabagubuzela; bafa kanjalo phambi kwebandla.
Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.
UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.
Base bekhuphuka ngasemathendeni oKhora noDathani no-Abhiramu. ODathani no-Abhiramu nomkabo namadodana nezingane zabo, baphuma bama ngasemnyango wamathende abo.
Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke.
Abozalo lukaSimeyoni ngemindeni yabo yilaba: kuNemuweli: ngumndeni wabakwaNemuweli; kuJamini: ngumndeni wabakwaJamini; kuJakhini: ngumndeni wabakwaJakhini;
nalokho akwenza kuDathani naku-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe kaRubeni, lapho umhlaba uvula umlomo wawo ubagwinya nabendlu yabo, amathende abo, nayo yonke imfuyo yabo eyayiphakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.
uMerayothi wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
UShalumi kaKhore, ka-Ebhiyasafa, kaKhora, nabafowabo bendlu kayise, amaKhorahi; babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindi bompheme wethabanakeli. Okhokho babo babengabalindisango benkambu kaSimakade.