Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UNumeri 25:3 - IsiZulu 2020

3 U-Israyeli wazihlanganisa noBhali Pheyori. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori; ulaka lweNkosi lwamvuthela u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UNumeri 25:3
13 Referans Kwoze  

“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Asonanga yini ngokwanele ePheyori, okuze kube manje asikazihlambululi kubo, okwathi ngenxa yabo, yonke inhlangano kaSimakade yehlelwa wubhubhane,


Niyakulilahla nina uqobo ifa lenu enganinika lona; ngiyonenza nikhonze izitha zenu ezweni eningalaziyo, ngokuba niphembe umlilo wolaka lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


UMose wathi kubehluleli bakwa-Israyeli: “Yilowo nalowo makabulale abantu bakhe abazihlanganise noBhali Pheyori.”


Bhekani, yibo ababeyenga abantu bakwa-Israyeli belulekwe nguBhileyamu, benza abakwa-Israyeli ukuba bangathembeki kuSimakade ngalokho abakwenza ePheyori, kwase kuhlasela ubhubhane phakathi kwenhlangano kaSimakade.


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.


“Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite